Kithi eNdinaneni
Umlando ngemvelaphi yamaNtungwa

 

Izithakazelo nomlando wakwaNdlangamandla(Nkosi)

Abantu bakwaNkosi (Ndlangamandla) bangabaNtungwa Nguni ngokwezigaba zabaNguni . Babuye babe ngabaNtungwa ngokobuzwe ngoba bephuma kubantu bakwaKhumalonabo abangabaNtungwa ngokobuzwe . Zimbili izibongo zakwaNkosi , kukhona isibongo sakwaNkosi Ndlangamandla bese kuba khona esakwaNkosi Dlamini . Laba bantu bakwaNkosi Ndlangamandla bahlobene impela nabakwaKhumalo kangangokuthi akumele baganiselane . Ukhokho wabo bonke abeNtungwa nguMntungwa kaMbulazi , nguyena owazala izibongo ezifana nesakwaMabaso , Khumalo , Ntshembeni nezinye . Ngesikathi¬† sokubusa kweSilo uShaka abantu bakwaNkosi babaziwa ngo... qhubeka ufunde »

Izithakazelo nomlando wakwaKhumalo

Abantu bakwaKhumalo bangaMantungwa Nguni ngokwezigaba zabaNguni , babuye babe ngaMantungwa kaMbulazzi ngokobuzwe . Lesi sibongo sakwaKhumalo siyindlu encane yaMantungwa kaMbulazi , indlunkulu eyakwaMabaso . U-Mntungwa indodana kaMbulazi wabe enamadodana amabili ,u-Mabaso kanye nomnawakhe u-Khumalo .... qhubeka ufunde »

Izithakazelo nomlando wakwaMabaso

Izithakazelo nomlando wakwaMabaso Abantu bakwaMabaso  bakwaMabaso bangabeNtungwa Nguni ngokwezigaba zabeNguni , babuye babe ngabeNtungwa ngokobuzwe ngesizathu sokuthi ukhokho wabo enguMntungwa kaMbulazi .U-Mntungwa wayenamadodana amabili , u-Mabaso owabe eyindlalifa kanye nomnawakhe u-Khumalo o... qhubeka ufunde »

Izithakazelo nomlando wakwaShembe

Abantu bakwaShembe baphuma kusibongo sakwaKhumalo , ngakho-ke nabo bangabeNtungwa Nguni ngokwezigaba zabeNguni njengabo abakwaKhumalo . Umuntu esiqala ukuzwa ngaye kulesi sibongo sakwaShembe nguSokhabuzela kaNyathikazi owazala uMzazela owazala uNhliziyo owazala u-Mayekisa owazala inkosi u-SHEMBE [u-... qhubeka ufunde »

Akuvumelekile ke lokho!