Kithi eNdinaneni
Umlando ngemvelaphi yamaNtungwa

 

Imizi yamakhosi akwaKhumalo

Imizi yamakhosi akwaKhumalo: Imizi yenkosi uMashobana kwakuseNsingweni, eNyandeni kanye naseNdinaneni Yonke le mizi yayakhelwe eMkhuze. Omakhalelwane benkosi uMashobana kwakungabakwaNxumalo ababakhe ngasentatshaneni iTshaneni. ENdinaneni kwakukwabo Mzilikazi . Inkosi uMashobana yayizele kakhulu amadodakazi , esingabala kuwo oNtanase ;Ngiyalila,Nozipholo,Nozinhlwathi nabanye. Yebo nezinsizwa zazikhona kodwa kwalwande kakhulu izintombi. ENsingweni kwakukwabo Mdleleni owagcina engukhokho wabakwaNyawose. Inkosi uMashobana yayizalwa inkosi uZikode kaMkhatshwa. Yona-ke yazala uMzilikazi owawugqamisa... qhubeka ufunde »

Akuvumelekile ke lokho!