Imizi yamakhosi akwaKhumalo:
Imizi yenkosi uMashobana kwakuseNsingweni, eNyandeni kanye naseNdinaneni
Yonke le mizi yayakhelwe eMkhuze. Omakhalelwane benkosi uMashobana kwakungabakwaNxumalo ababakhe ngasentatshaneni iTshaneni. ENdinaneni kwakukwabo Mzilikazi . Inkosi uMashobana yayizele kakhulu amadodakazi , esingabala kuwo oNtanase ;Ngiyalila,Nozipholo,Nozinhlwathi nabanye. Yebo nezinsizwa zazikhona kodwa kwalwande kakhulu izintombi. ENsingweni kwakukwabo Mdleleni owagcina engukhokho wabakwaNyawose. Inkosi uMashobana yayizalwa inkosi uZikode kaMkhatshwa. Yona-ke yazala uMzilikazi owawugqamisa kakhulu umlando waMantungwa .
Umuzi wenkosi uBheje kwakuseTsheni likaBheje. Lo muzi wawakhe endaweni yaseNgome. Inkosi uBheje yayizalwa inkosi uMagawozi kaZikode umfowabo Mashobana kaZikode. Inkosana yenkosi uZikode kwakunguGasa kaZikode owazala uMagugu , uDonda noSiwela. USiwela ungukhokho waMantungwa akwaNdlangamandla.
Umuzi wenkosi uDonda kwakuseZizibeni. Lo muzi wakwakhe ngaphezu komfula iSikhwebezi . Kusuke kushiwo wona lo muzi uma kuthiwa kumuntu wakwaKhumalo ‘Donda weZiziba’. UDonda wayazalwa nguGasa njengoba besengishilo. Yena wazala uMaqandela. Umuntu owawwugqamisa kakhulu umlando waMantungwa kulendlu kaDonda nguMahlangeni kaGawozi Khumalo owabe eyimbongi yeSilo uCetshwayo kaMpande. UMahlangeni wasala empini yaseMsebe ngowe 1883 empini eyabe iphakathi koSuthu noMandlakazi . UMahlangeni wayegqishe ngasoSuthwini.
ENtumbane
Lo muzi wawakhe lapho sekuyisibhedlela iSelby . Umuzi waseNdinaneni wawusuka khona eSelby eGoli uhambe njalo uze uyoma ngaseBoyzens. Lo muzi iSilo sawakha sivusa umuzi kayise iNdindaneni yaseMkhuze lapho sasikhulele khona . Induna yaseNdinaneni kwakunguMbhulungwana wakwaMashazi . Ngemuva kwakhe kwathatha indodana yakhe uMfangilele Mashazi.
Yayimningi kakhulu imizi yeSilo uMzilikazi endaweni yaseNtilasifali singabala iPhelandaba,uMhlahlandlela, iNkungwini neminye
20. AMabhukudwane induna kwakunguMayeke Mthethwa awu sukanini madoda iNdlovu yakoDelwase abayihlabe ngenjongolo bayibangela amanxeba okuluphala.
28. ISizinda induna kwakunguMaphisa Fuyane.AbakwaFuyane kusengabantu bakwaShabalala ,oMshengu aMaSwazi amahle
Mina ngisacela ukucaciselwa ngomuzi waseNgome lona oseVryheid ngoba uma ngizwa kahle kuthiwa izimpande zethu zivela kuloKhumalo owaya ngapha eNdwedwe koMzinyathi ngoba enye indodana yakhe yilena eyaqala ibandla lakwaShembe njengoba sibaningi kangaka eNorth kuze kwaba khona nenkosi yaseMatata kwaKhumalo umuzi waseShlameni mina ngiphuma kolowo mndeni ngisacela umhlonishwa angicacisele ngoba amadodana akhe ahambe ayokwakha ezindaweni ezihlukene kwakuMabaso Shembe nabanye abgisabakhumbuli kahle
Ntungwa elihle kuyangicacela ukuthi awuzange uzinike ithuba lokufunda konke okuqukethwe yile nqolobane