Umlando ngeNkosi uBheje Khumalo . Uma uzwa umuntu othukuthele efunga ethi “uBheje eseNgome” yazi ukuthi lowo muntu ungowakwaKhumalo isibongo . Leyo nkulumo abantu bakwaKhumalo babuye bayisebenzise njengesithakazelo . UBheje abantu bakwaKhumalo abafunga ngaye wayeyinkosi yabakwaKhumalo . Wakhothama ngokuhlaselwa yimpi yeSilo uDingane khona eNgome Inkosi uBheje kaMagawozi yayibusa abakwaKhumalo eNgome kwaZulu ngesikhathi seZilo oShaka noDingane Zulu. Ubaba wenkosi uBheje uMagawozi kaZikode wayengumfowabo Mashobana uyise kaMzilikazi . Ngamanye amazwi uBheje way... qhubeka ufunde »