Ake sibheke amanye amadodana eNkosi uMzilikazi kaMashobana. Ayemaningi wona kodwa sizothinta nje ambadlwana. Iningi lamadodana eNkosi uMzilikazi abuthelwa ebuthweni laMahlokohloko iNduna yalo okwabe kunguMbambelele Mtshali . (UMANGWANA) UMangwana wayeyiSokanqangi leNkosi uMzilikazi . Wayezalwa intom... qhubeka ufunde »
Abantu bakwaMathema abatholakala ezweni laseZimbabwe basengabantu bakwaMkhwanazi . Iqhawe esilibona ligqama kakhulu kulengxenyana yesizwe saBaKhwanazi uSomhlolo ka Mahlikivana kaNomi . Kuthiwa laba bantu bakwaMathema isibongo sakwaMathema basithola ngesigameko thizeni ngenkathi besekanye nabanye aBa... qhubeka ufunde »
Ukufana kwamagama abantu akuyona into eqala manje , kuyinto ekade yaqala , eyaqala endulo . Abantu abaningi bayadideka olibweni lakwabo ngenxa yokufana kwamagama. Umuntu ugcina esezihlobanise nesibongo angahlobene nhlobo naso . Kubalulekile ukwazi amagama oKhokho bethu , kubalulekile futhi nokwazi... qhubeka ufunde »
UMhlonga kaNkotshana Thebe wayebuye aziwe ngelikaMkhithika Thebe. Le nsizwa yayiqhawe elikhulu lenkosi u-Mzilikazi kaMashobana. UMkhithika Thebe wabamba elikhulu iqhaza ekwakhiweni kwesizwe sikaMthwakazi okuyisizwe esakhiwa yiNkosi uMzilikazi kaMashobana Khumalo. Nansiya isizwe eNingizimu yezwe la... qhubeka ufunde »
(UNdlunkulu u-Lomawaka Nxumalo ) ULomawaka Nxumalo wazala u-Mntwana u-Nkulumana wazala uMntwana uNkulumana , kuhlawumbiselwa ukuthi uNkulumana wazalelwa esigodlweni saseKuphumuleni esasakhe lapho sekuseErmelo khona namuhla. UMntwana u-Nkulumana welanywa intombi u-Zinkabi eyagana iqhawe lakwaMasuku... qhubeka ufunde »
UMntwana uMahlahleni Khumalo wayeyindodana yeNkosi u-Mzilikazi kaMashobana.Wayezalwa uNdlunkulu weNkosi uMzilikazi uMaZondo waseMgugudwini . EMgugudwini kwabe kungenye yemizi yeNkosi uMzilikazi. Eminye imizi yeNkosi uMzilikazi kwakuseMhlahlandlela, eNdinaneni, oJingeni , eMkhwahla kanye neminye. Uyi... qhubeka ufunde »