Abantu bakwaNtshembeni kusengabantu bakwaKhumalo . Ngakho-ke nabo bawela esigabeni saMaNtungwa Nguni ngokwezigaba zabaNguni . Babuye babe ngaMantungwa ngokobuzwe , bakanye nabo abakwaKhumalo , abakwaMabaso , abakwaNyawose , abakwaNyandeni kanye nabanye. UNtshembeni okwaqanjwa ngaye isibongo wayeyindodana yeNkosi uMashobana, enguMfowabo Mzilikazi .
Ukhokho wawo wonke aMantungwa uMntungwa indodana kaMbulazi . UMntungwa uzele uMabaso kanye noMnawakhe uKhumalo . UMabaso wazala abakwaMabaso , uKhumalo yena wazala abakwaKhumalo. UKhumalo uzele iNkosana yakhe uMkhatshwa , yona ezele uZikode , uZikode yena ozele uMashobana. Amanye amadodana kaKhumalo kwakungoLanga kanye noYengwayo. Ngesikhathi samakhosi afana nawawoDingiswayo kanye nawawoZwide iNkosi uMashobana yayizinze endaweni lapho sekuseMkhuze khona namuhle. Imizi yeNkosi uMashobana kwakuseNdinaneni, eNyandeni, eNsingweni kanye neminye. Umuntu esimbona egqama kakhulu emadodaneni eNkosi uMashobana nguMzilikazi owaqala eyiNduna yeSilo uShaka wagcina esesakhele osakhe isizwe ngemuva kokugqabuka kwegoda phakathi kwakhe neLembe . Ukugqabuka kwegoda kwabangelwa izinkomo ezazidliwe iNduna uMzilikazi kubeSuthu bakaHanesi ithunywe yiLembe. Labo beSuthu babeyingxenye yabeSuthu abangabaTlokwa abazinze lapho sekuyiHarismith khona namuhla. Esikhundleni sokuthi uMzilikazi azethule zonke izinkomo eNkosini uShaka kwaba khona ingxenye yalezo zinkomo ayigodlayo. Leyo ngxenye kwakungeyohlobo lukaNyonikayiphumuli.
Eseyigodlile-ke leyo ngxenye kwasuka umfowabo ogama lakhe kwakunguNzeni wayebikela iNgonyama yakwaZulu ukutji uMzilikazi wayegodle ezinye izinkomo. Yaqubuka kanjalo-ke impi phakathi weNduna uMzilikazi kanye neLembe. Leyo mpi yaliwa amahlandla amabili. Impi yokuqala uMzilikazi wakwazi ukuyinqoba, kodwa kweyesibili wehlulwa. UMzilikazi wagcina etholile ukuthi kahle-hle nguNzeni owayebikele iLembe mayelana ngodaba lwezinkomo. Akazange apholise maseko , wavele wamthumela kweloYisemkhulu . UMzilikazi wabuye wahlasela nabanye abafowabo okwakungoGqugqu kanye nanye uNtshembeni ngoba babegqishe noNzeni odabeni lwezinkomo. UNtshembeni yena wakwazi ukuphulukundlela athi galo yephuka nyawo zami ngibelethe. Kodwa uGqugqu yena waba nebhadi wabulawa. UNtshembeni wagcina ephelele lapho sekuseMozambikwe khona ngaphezu koMfula uSabe / Save nokuyilapho kwakunkanise khona ingxenye yaMaNtungwa eyaziwa namuhla ngokuthi ingeyakwaChauke. Ngaleso sikhathi wayengakafiki uSoshangana kuleliya zwe elagcina laziwa ngokuthi kukwaGasa omkhulu (Gazankulu) nokwagcima kungelakhe uSoshangana . UGqugqu engikhuluma ngaye akuyena uMntwana uGqugqu kaSenzangakhona , yena wakhothma ebulawa iSilo uMpande . UMzilikazi wagcina efudukile kwaZulu wayonkanisa lapho sekuyiMosega khona eNorth West . Kuleya ndawo yaseMosega wahlala iminyaka engale kwelishumi , waze wasuswa ngamabhunu kaHendrick Potigitier ngowe 1837 wagcina esezinze endaweni namuhla osekuyiZimbabwe khona.
UNtshembeni wagcina ethathe isinqumo sokubuyela kwaZulu ngoba esezwile ukuthi uMnawakhe uMzilikazi wayesefudukile. Ekubuyeleni kwakhe kwaZulu uNtshembeni wakha lapho sekuseJozini khona namuhla. Kukhona olunye uzalo lwakhe uNtshembeni olwasala eMozambikwe, lolo zalo namuhla luzibiza ngokuthi lungolwakwaChembene. UNtshembeni kahle-hle wayemdala kakhulu kuMzilikazi . UMzilikazi waba yiNkosana yeNkosi uMashobana ngesizathu sokuthi wayezalwa indodakazi yeNkosi uZwide uNompethu Ndwandwe. Amanye amadodana eNkosi uMashobana kwakungoNjiya, Makhatha, Mdleleni, kanye nabanye.
Izibongo ezihlobene nesakwaNtshembeni
-Khumalo
-Mabaso
-Nuawose
-Ndlangamandla
-Nkomo
-Ngubeni
-Macozoma
-Phukwana
-Ndlangamandla
-Nyandeni kanye nezinye
IZITHAKAZELO ZAKWA-NTSHEMBENI
Mntungwa
Mbulazi
Mzilikazi kaMashobana
Nina baseNdinaneni
Nina enenqaba ukudla umlenze wakwaBulawayo
Nina endla izimfe ezimbili
Kwaphuma khambi linye
Ndabezitha
Maqhawe amakhulu
BaNtwana beNkosi
Nina bakaGasa kaZikode
Nina bakaNoyanda kaNdaba
Nina bakaLobhengula waMawaba
#Kulobe iNtungwa lasenhla kwaSokhumalo
Siyabonga ngomlando ojulile.
Syabonga kakhulu ngomlando onothe kangaka. Manje sengiyazazi ukuyhi ngingubani ngidabuka kuphi nokuthi ngnguMntungwa woqobo🙏🙏
NgiwuDontsa kepha nam ngibiza uMntungwa kodwa ngikhule kuthiwa asihlobene nakwaKhumalo, hlamp ithin eyethu imvelaph kwaDontsa