1.*(INyanga abathe ifile uZulu! Kanti isiyethwese , yethwese ngoNyokana kaMpeyana) Lezibongo zikhuluma ngokusuka kwakhe kwaZulu ngemuva kwengxabano yakhe neLembe. UNyokana kaMpeyana lona okukhulunywa ngaye wayengowakwaZwane akhe endaweni okusekuthiwa manje kuseBaqulusini ngasoBivane. UMzilikazi wathi uma esuka kwaZulu wasingisa amabombo eBaqulusini , kuleya ndawo wafike wacela indawo yokugoba izinkophe kuNyokana kaMpeyana wakwaZwane . UNyokana wayejutshwe yiLembe ukuba abe yiNduna yaseBaqulusini ngemuva kokwehlulwa kweNkosi uNtshosho kaMangethe yakwaZwane yehlulwa yilona iLembe. UNyokana wenqaba ukukhoselisa uMzilikazi , esikhundleni sokumkhoselisa yena wawuhlaba wawulawula wanxusa ezinye izizwe ezazingomakhelwane bakhe ukuba zihlome kuhlaselwe okaMashobana. Yagcina ibambene ngezihluthu yehlulwa ekaNyokana naye wasala enkundleni. Esewudlile umhlanganiso uMzilikazi wathumba abantu kanye nezinkomo zalezo izizwe ayezehlulile esingabala kuzo esaseMangweni , esakwaMazibuko kanye nezinye izizwana ezazingomakhelwane. Wathumba nemfuyo ebulala inyoka. Kulabo bantu abathumba kwakukhona nezinsizwa okwahamba kwahamba zakhombisa ubuqhawe ubukhulu . Zagcina sezingamaqhawe amakhulu. Kulezo zinsizwa singabala oGundanekumitha Ndiweni , uMlomodlemeveni Zwane , Nyathela kaKhanyi Mazibuko kanye nabanye . Ngamufuphi -ke lezi zibongo