Kithi eNdinaneni
Umlando ngemvelaphi yamaNtungwa

 

Umlando ngoMhabahaba Mkhwanazi

Umlando ngoMhabahaba kaNkwali waBakhwanazi “UMafukula owafukula kwakhwabitha iNkosi! UGwagwa liyagwagwa umbane wezulu! Wena owaciba ngomkhonto kwaphepha iNkosi yabeNtungwa “ Lezi izihasho zikaMhabahaba indodana kaZama kaBebesi wakwaMkhwanazi . UMhabahaba wayengelinye lamaqhawe kaMzilikazi Khumalo futhi wayebuye abe yisihlobo eMantungweni ngoba enye yezintombi zakhona kwaMkhwanazi yagana inkosi uMashobana kwazalwa uNzeni ,uNoziwawa nabanye . Ngakho-ke singasho sithi uMhabahaba wayengumzawakhe kaMzilikazi .Empeleni uMhabahaba wayengeyona indodana kaNkwali kepha wayeyindodana kaZama kaBebesi.... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMagqekeni ka Magogo Sithole

UMagqekeni kaMagogo iqhawe lakwaSithole UMagqekeni ungomunye wabantu abawunothisa kakhulu umlando wabakwaSithole . Le nsizwa yabe iyisethenjwa nesilomo esikhulu seSilo saseMhlahlandlela iSilo uMzilikazi kaMashobana ,yayibuye ibe yinduna yomuzi waseGabeni owawakhe eTswenyane , eNorth West lapho kwake... qhubeka ufunde »

Umlando ngoRobert Moffart (uMtshede)

UMtshede [Robert Moffart] UMngisi uRobert Moffart wayengumngane omkhulu weNkosi yabeNtungwa nabeThwakazi inkosi uMzilikazi kaMashobana Khumalo. URobert Moffart wazalelwa kwelamaNgisi endaweni yaseOmiston ,East Lothian ,eScotland ngowe-1783 [Kodwa uWikipedia uthi wazalwa ngowe1795].Le nsiwa yakwaMoff... qhubeka ufunde »

Idlinza leSilo uMzilikazi ka Mashobana

Nali idlinza le Ngonyama yakithi uMawela (uMzilikazi) ,lisesicongweni sentatshana iNtumbane endaweni yaseMathopho buqamama nedolobha lakwaBulawayo eZimbabwe. Idolobha lakwaBulawayo lona kwabe kungumuzi weSilo uLobhengula kaMzilikazi ,hhayi oweNgonyama uMawela . INgonyama uMawela kuhlawumbiselwa ukut... qhubeka ufunde »

Uhla lwamabutho eSilo uMzilikazi

Amagogo  Induna yaMagogo kwakunguMaqhekeni wakwaSithole . Leli butho uMaqhekeni wayeliqambe ngoyise uMagogo Sithole owasala empini yaseNtumbane ngenkathi kulwa uZulu naBaNtungwa ngaphansi kweNkosi uMzilikazi . UMaqhekeni wayegqishe neNkosi uMzilikazi . 2. Amatshetshe Induna yaMatshetshe kwakunguSif... qhubeka ufunde »

Izithakazelo nomlando wakwaChauke

Abantu bakwaChauke bayisizwe esikhulu esitholakala kakhulu eMozambikwe nokuyilapho ubukhosi baso busazinze khona . Laba bantu bakwaChauke babuye batholakale eNingizimu Afrika koGiyane,Tzaneen ,Thulamahashe koThoyando nakwezinye izindawo . Lesi sibuye sitholakale nasezweni laseZimbabwe koKezi ,koChip... qhubeka ufunde »

Izithakazelo nomlando wakwaNyandeni

Abantu bakwaNyandeni babekade bengabaNtungwa bakaMbulazi ngokobuzwe ,bengabakwaKhumalo . UNyandeni okwaqanjwa ngaye isibongo wabe engenye yamadodana kaMashobana ,engumnewabo Mzilikazi ,Nzeni , Ntshembeni nabanye. Isibongo sakwaNyandeni sakheka ngemuva kokuba kuxoshwe u-Nyandeni kwaKhumalo ngesizathu... qhubeka ufunde »

Izithakazelo nomlando wakwaMlilo

Abantu bakwaMlilo bangabozalo lukaMabaso indodana kaMntungwa kaMbulazi . Enye indodana kaMntungwa kwakunguKhumalo . UMabaso wazala abakwaMabaso ,kwathi uKhumalo wazala abakwaKhumalo . Ngakho-ke abakwaMlilo singakusho singananazi sithi nabo bangaMantungwa njengabo abakwaMabaso nabakwaKhumalo . Laba b... qhubeka ufunde »

Izithakazelo nomlando wakwaShembe

    Abantu bakwaShembe baphuma kusibongo sakwaKhumalo , ngakho-ke nabo bangabeNtungwa Nguni ngokwezigaba zabeNguni njengabo abakwaKhumalo . Umuntu esiqala ukuzwa ngaye kulesi sibongo sakwaShembe nguSokhabuzela kaNyathikazi owazala uMzazela owazala uNhliziyo owazala u-Mayekisa owazala inkos... qhubeka ufunde »

ISigwagwagwa (Maxim Gun 37mm)

  Nanso-ke iSigwagwagwa uhlobo lwesibhamu olwenziwa amaNgisi ngowe 1888 ,lwasetshenziswa okokuqala ngqa empini yamaNgisi noMthwakazi ngowe 1893. ISigwagwagwa ngesiZulu saphesheya sibizwa ngokuthi yiMaxim Gun (37mm). UMthwakazi isizwe esakhiwa iqhawe lakwaKhumalo uMzilikazi kaMashobana kaZikode ... qhubeka ufunde »

Akuvumelekile ke lokho!