Kithi eNdinaneni
Umlando ngemvelaphi yamaNtungwa

Izithakazelo nomlando wakwaNtshembeni

Abantu bakwaNtshembeni kusengabantu bakwaKhumalo . Ngakho-ke nabo bawela esigabeni saMaNtungwa Nguni ngokwezigaba zabaNguni . Babuye babe ngaMantungwa ngokobuzwe , bakanye nabo abakwaKhumalo , abakwaMabaso , abakwaNyawose , abakwaNyandeni kanye nabanye. UNtshembeni okwaqanjwa ngaye isibongo wayeyind... qhubeka ufunde »

Izithakazelo nomlando wakwaNkuna

Abantu bakwaNkuna baphuma kubantu bakwaKhumalo .¬† Isizwe sakwaKhumalo ngesikhathi seNkosi uDingiswayo sasakhe eBabanango kuhambe njalo kuze kuyofika koNondweni. Inkosi uMagugu ka Gasa eyayibusa abakwaKhumalo ngaleso sikhathi .¬† Kuhambe kwahamba kwagcina kudaleke obunye ubukhosi ngoba oMashobana ka... qhubeka ufunde »

Izithakazelo nomlando wakwaChauke

Abantu bakwaChauke bayisizwe esikhulu esitholakala kakhulu eMozambikwe nokuyilapho ubukhosi baso busazinze khona . Laba bantu bakwaChauke babuye batholakale eNingizimu Afrika koGiyane,Tzaneen ,Thulamahashe koThoyando nakwezinye izindawo . Lesi sibuye sitholakale nasezweni laseZimbabwe koKezi ,koChip... qhubeka ufunde »

Izithakazelo nomlando wakwaNyandeni

Abantu bakwaNyandeni babekade bengabaNtungwa bakaMbulazi ngokobuzwe ,bengabakwaKhumalo . UNyandeni okwaqanjwa ngaye isibongo wabe engenye yamadodana kaMashobana ,engumnewabo Mzilikazi ,Nzeni , Ntshembeni nabanye. Isibongo sakwaNyandeni sakheka ngemuva kokuba kuxoshwe u-Nyandeni kwaKhumalo ngesizathu... qhubeka ufunde »

Izithakazelo nomlando wakwaMlilo

Abantu bakwaMlilo bangabozalo lukaMabaso indodana kaMntungwa kaMbulazi . Enye indodana kaMntungwa kwakunguKhumalo . UMabaso wazala abakwaMabaso ,kwathi uKhumalo wazala abakwaKhumalo . Ngakho-ke abakwaMlilo singakusho singananazi sithi nabo bangaMantungwa njengabo abakwaMabaso nabakwaKhumalo . Laba b... qhubeka ufunde »

Izithakazelo nomlando wakwaShembe

    Abantu bakwaShembe baphuma kusibongo sakwaKhumalo , ngakho-ke nabo bangabeNtungwa Nguni ngokwezigaba zabeNguni njengabo abakwaKhumalo . Umuntu esiqala ukuzwa ngaye kulesi sibongo sakwaShembe nguSokhabuzela kaNyathikazi owazala uMzazela owazala uNhliziyo owazala u-Mayekisa owazala inkos... qhubeka ufunde »

Izithakazelo nomlando wakwaKhumalo

Abantu bakwaKhumalo bangaMantungwa Nguni ngokwezigaba zabaNguni , babuye babe ngaMantungwa kaMbulazzi ngokobuzwe . Lesi sibongo sakwaKhumalo siyindlu encane yaMantungwa kaMbulazi , indlunkulu eyakwaMabaso . U-Mntungwa indodana kaMbulazi wabe enamadodana amabili ,u-Mabaso kanye nomnawakhe u-Khumalo .... qhubeka ufunde »

Izithakazelo nomlando wakwaMabaso

Izithakazelo nomlando wakwaMabaso Abantu bakwaMabaso¬† bakwaMabaso bangabeNtungwa Nguni ngokwezigaba zabeNguni , babuye babe ngabeNtungwa ngokobuzwe ngesizathu sokuthi ukhokho wabo enguMntungwa kaMbulazi .U-Mntungwa wayenamadodana amabili , u-Mabaso owabe eyindlalifa kanye nomnawakhe u-Khumalo owaza... qhubeka ufunde »

Izithakazelo nomlando wakwaNdlangamandla(Nkosi)

Abantu bakwaNkosi (Ndlangamandla) bangabaNtungwa Nguni ngokwezigaba zabaNguni . Babuye babe ngabaNtungwa ngokobuzwe ngoba bephuma kubantu bakwaKhumalonabo abangabaNtungwa ngokobuzwe . Zimbili izibongo zakwaNkosi , kukhona isibongo sakwaNkosi Ndlangamandla bese kuba khona esakwaNkosi Dlamini . Laba b... qhubeka ufunde »

Akuvumelekile ke lokho!